USomlomo uyitotose kakhulu i-EFF: Mantashe

2017-02-10 09:30

Cape Town – USomlomo wePhalamende uBaleka Mbete, uyitotose kakhulu i-EFF futhi bekungamele alinde kuze kuphele ihora lonke ngaphambi kokuthi athathe isinqumo ngayo, kusho uNobhala Jikelele we-ANC, uGwede Mantashe, kubika iCity Press.

Ekhuluma ezitebhisini zePhalamende ngemuva kokuthi uMengameli Jacob Zuma ethule inkulumo abeyibhekise esizweni, uMantashe uthe: “USomlomo ube nokulinda okukhulu. Uthathe isikhathi eside. Bekumele lokhu obekwenzeka akugoqe ngemizuzu engu-20 yokuqala.”

UMantashe uthi akwamukelekile neze ukuthi amalungu ePhalamende eze ePhalamende ngenhloso yokuzophazamisa.

“Ukuba bengiwuSomlomo bengingeke ngize ngivumele ukubambezeleka isikhathi eside kangaka,” kuqhuba uMantashe.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Amalungu ephalamende afike eselindwe amasosha, ababhikishi kanye ne-EFF

Ukuphawula kukaMantashe kulandela ukuqubuka kwempi eholele ekutheni kubanjwane ngezandla ngesikhathi kukhishwa ngendluzula amalungu e-EFF, onogada bePhalamende.

Ngaphambi kwalokho amalungu e-EFF abeshiya angalazi kuMengameli Zuma kanti futhi abelokhu emphazamisa njalo uma eseqala ukukhuluma ngokuthi acele ukudlulisa umbono wawo.

Ngemuva kokukhishwa kwe-EFF, kuphinde kwaphuma neDA kanye namanye amaqembu aphikisayo.

USotswebhu we-DA, uJohn Steenhuisen, ufanise ukukhishwa ngendlunzula kwe-EFF nesikhathi sangobandlululo, ngeminyaka yango-1980.

“Akwamukelekile ukuphathwa ngalolu hlobo,” kusho uSteenhuisen.

Khonamanjalo, iPhalamende lithi lizophenya ngesigameko esishiye amalunga ePhalamende ekhexile ngemuva kokufuthwa kwesisi esikhalisa unyembezi ngaphakathi ezindlini zePhalamende.

Buka eminye yemifanekiso yobekwenzeka ephalamende efakwe uNick Pawson kanye noJenna Etheridge, beNews24:

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.