Usonhlalakahle uphuce owesimame ingane ngoba edla imbuya ngothi

2017-06-09 16:01

Johannesburg – NgoLwesibili mhlaka 23 Meyi owesimame osemusha uzithole engesenayo ingane ngemuva kokuphucwa osonhlalakahle.

Lo wesimame ogama lakhe lingeke lidalulwe njengoba lolu daba lusasenkantolo uthi wathuka kabi ngesikhathi kufika owesimame ozibize ngoHendriks oqhamuka ehhovisi losonhlalakale eGoli.

UHendriks lo ufike kuleli fulethi eliseVrededorp, eGoli, waqala wabhala encwadini yakhe ngaphambi kokuba atshele lo mama ukuba usesithathile isinqumo sakhe sokuthi ingane yakhe ngeke isakwazi ukukhulela kulo muzi.

Lo sonhlalakahle uqubule ingane yomfanyana wayifaka evenini yakhe wahamba.

OLUNYE UDABA:INGOSI: Kuyoba kubi impela uma umama wosana ebemdibi munye ‘nezigelekeqe’

Ngokubika kwephephandaba i-The Star, ubaba wengane yena ucele osonhlalakahle ukuba baphuce lo owayeyintombi yakhe ingane ngoba akakwazi ukuyondla futhi ingane yakhe ngeke ikhule kahle.

Lo baba wengane okuthiwa uhlala kwisithabathaba somuzi wakubo oseRooderpoort futhi osebenza kahle, utshele abomthetho ukuthi umama wengane yakhe udla imbuya ngothi futhi indawo ahlala kuyo ayifanele ukukhulela kuyo.

Ngesikhathi abephephandaba bezama ukuxhumana nosonhlalakahle okunguyena othintekayo, uthe lolu daba lusenkantolo futhi iyona ezothatha isinqumo ngekusasa lale ngane nokuthi yini eyifanele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.