Usopolitiki unukwa kwelokugenca izihlobo ngobhushu eHowick

2017-01-19 19:30

Howick - Usopolitiki owaziwayo eMgungundlovu namaphethelo, uyathinteka esigigabeni sokudubulana  kanye nokugengcana ngobhushu kwamalungu omndeni.

Ngokuthola kwephephandaba lomphakathi i-Eyethu News, kusolakala umbango womndeni ngalokhu okwenzeke ngoLwesibili endaweni yaseHowick.

Elinye lamalungu alomndeni elicele ukuba igama lalo ligodlwe litshele izintatheli ukuthi isigameko sokudubulana senzeka ekuseni ngoLwesibili, kanti ntambama kwalandela esokugencana ngobhushu.

“Inkinga iqale ngesikhathi ubafo (igama lakhe ligodliwe okwamanje) ediliza omunye umuzi walapha ekhaya ethi akasawafuni amalungu omndeni kule ndawo ngoba igceke lakhe lonke leli.”

Lo mthombo uthi ubaba wabo wayenesithembu kanti selukho ashona, umsolwa ulwa namanye amakhosikazi akhe ewaxosha ngoba ethi sekuyindawo yakhe yonke lena.

OLUNYE UDABA:Usopolitiki ecaleni lokudlwengula isisebenzi sasendlini

Umsolwa uvulele ngenhlamvu ebhekise kubafowabo abebelanda uthayela bethi bavuselela umuzi lo awubhidlizile.

“Sizamile ukumphuca isibhamu kwaze kwafika amaphoyisa asithatha, kodwa yena akazange aboshwe.”

“Ngemuva kwaloku kube sekufka abantu bakhe bazohlasela bephethe imishiza izibhamu obhushu kwagencwa amalunga amathathu  omndeni.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu- Natal uColonel Thembeka Mbhele usiqinisekisile isigameko wathi udaba lusaphenywa. “Nakuba kungakaboshwa muntu kodwa amaphoyisa asematasa ngophenyo,” kuchaza uColonel Mbhele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.