USpur uzama ukuthola indoda esuse umsindo ifuna ukushaya owesimame

2017-03-22 09:30

Johannesburg – Isitolo sokudlela, uSpur, sithi sizama ukuthola amakhasimende amabili athwetshulwe nge-video eqophisana ngamazwi esitolo esise-Oakdene, eThe Glen Mall, eningizimu yeGoli.

Lesi sigameko ebesiphakathi kowesifazane onsundu kanye nowesilisa ongumlungu sidale inhlokomo ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukusabalala kwale video.

Kuthiwa indaba iqalwe yiwo la makhasimende, omunye esola ingane yomunye ngokuba yibhoklolo.

Le ndoda ibe isisabisa ngokushaya owesifazane, yazama ukuphendula itafula izingane zihleli phansi zilungiselela ukuthola okuya ngasethunjini.

OLUNYE UDABA: Kuhlokoma izinkundla ngendoda yomlungu ehlasela owesimame omnyama eSpur

Isikhulu esiphezulu sakwaSpur uPierre van Tonder sisiveze ukuthi le ndoda ayisavumelekile ukubeka umcondo wayo ezitolo zale nkampani.

UVan Tonder uthe inkampani izocubungula le video kuthi uma le ndoda isihlonziwe, ingavunyelwa ukungena ezitolo zabo.

Uqhube ngokuthi kube yibhadi ukuthi bobabili abazali baziphathe ngale ndlela phambi kwezingane zabo.

Uthi uzokwenza izinhlelo zokuqeqesha izisebenzi zakhe ekutheni zibhekane kanjani nezigameko ezinjengalesi ezibandakanya amakhasimende.

UVan Tonder uthe uSpur umelene nodlame olubhekiswe ezinganeni nakubantu besifazane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.