Usuphelile uphethiloli kwamanye amagalaji eThekwini

2016-07-29 19:00

Durban – Isimo sesiqala ukuba nzima njengoba amanye amagalaji angasenawo uphethiloli eThekwini, kubika iDaily News.

Lokhu kulandela isiteleka sabasebenza ngowoyela kanye nophethiloli ongahluziwe njengoba bengafinyelelanga esivumelwaneni sokukhushulelwa amaholo nomqashi.

Yize usoseshini we-South African Petroleum Industry Association (Sapia) etshele abashayeli ukuthi bangakhathazeki ngoba u-80% wabasebenzi awutelekile, kubonakala sengathi adonsa kanzima amanye amagalaji aseThekwini.

Funda nalolu daba:‘Abashayeli abangatatazeli, ngeke uphele uphethiloli’

I-Caltex Atholl Heights Service Station iphelelwe uphethiloli ngo-6 ntambamba ngoLwesine, nokungusuku lokuqala lwesiteleka.

I-Caltex kumgwaqo uFlorida Road eMorningside nakhona akunalutho emathangini. Umphathi waleli galaji ongafunanga igama lakhe lidalulwe uthe abadayisi bakaphethiloli ibona okumele bakhokhe ngalezi zinkinga zomsebenzi.

EMhlanga, igalaji i-Forest Drive petrol station ibinodizili kuphela, uphethiloli usuphelile, kanti umphathi wegalaji lakwaShell kumgwaqo u-N2 eMgababa uthe yena unesitoko esanele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.