Usuphinde wagadla kuMalema uhulumeni kaMugabe

2017-01-25 13:03

Harare – Uhulumeni kaMengameli waseZimbabwe, uRobert Mugabe, usuphinde wagadla futhi kumholi we-EFF, uJulius Malema, kulandela ukuphawula kwaMalema ngokuthi uMugabe sekumele abeke phansi izintambo.

Kucacile ukuthi lokhu kuphawula kukaMalema kuwucasulile lo hulumeni kaMugabe njengoba uqale wabiza lo mholi ngomfana omncane futhi ongazi lutho.

OLUNYE UDABA: UMalema ungumfana omncane ongazi lutho - Oweqembu likaMugabe

UNgqongqoshe wezoLwazi wakuleli lizwe, uChristopher Mushohwe, ushiye angalazi esitatimendeni esicishe sibe ngamakhasi amabili nesifundwe ezindabeni zakusihlwa esiteshini sikamabonakude sikahulumeni.

UMushohwe uthi uMalema uzama ukuma ukulungisa “ngokwehlelwa kwakhe yizinga kwipolitiki” ngokuthi “azibeke njengosopolitiki owela imingcele yasezwenikazi ozithanda kakhulu futhi ngokwanele ukuthi angadlulisa ukuphawula kanye nokwahlulela ngokuqhubekayo noma kuphi ezwenikazi”.

Ngaphambilini uMalema wayejwayele ukutusa uMugabe bese eshiya angalazi eqenjini eliphikisayo, iMovement for Democratic Change (MDC).

Kodwa kulesi sitatimende uhulumeni kaMugabe ugxeka lo mholi we-EFF ngokuba “umdayisi, kanye nepolitiki ehambisana nabamhlophe” – nokuyindlela owawujwayele ukuchaza ngayo i-MDC.

Ngaphezu kwalokho leli qembu liphinde lachaza uMalema “njengomuntu ontekenteke odonsa kanzima.” lathi futhi “ungumuntu oyihlaya nokhuluma kakhulu”.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.