Ususe umsindo umbhalo webhange ‘ocwasa’ abesifazane

2017-02-09 14:01

Cape Town – Elinye lamabhange amakhulu kuleli, uStandard Bank, lizidonsele amanzi ngomsele ngombhalo walo osasikhangiso neliwubhale enkundleni yezokuxhumana, iTwitter, kubika iW24.

Lo mbhalo obubhalwe ngamagama esiNgisi, uthi “Nayi i-credit-card yakho. #Yenza owesifazane amamatheke ngamagama amathathu”.

Ngemuva kwalokho kube sengathi liyinyathele emsileni leli bhange njengoba abantu abahlukene beshiye abangalazi ezinkundleni zokuxhumana, uFacebook kanye neTwitter. Lokhu kuholele ekutheni kucishwe lo mbhalo ngokushesha.

OLUNYE UDABA: Uthole ukugxekwa umsakazi ‘ocwase’ abesifazane

Abantu bakhale kakhulu ngokuthi lo mbhalo ucwasa ngokobulili futhi wakha isithombe sokuthi abantu besifazane bajatshuliswa ngemali.

Omunye umbhalo ululeke ngokuthi noma ngabe ubani lo oqhamuke nomqondo walo mbhalo kumele axoshwe futhi uwubulima.

Ngokubona ukuthi umlilo uyabhebhetheka, leli bhange ligcine lixolisile ngalo mbhalo, lavuma ukuthi ubunganambithisiseki.

Zibonele eminye yemibhalo yabantu abebenganeme ngezansi:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.