USuthu lubhaxabule iSundowns ekhaya

2017-10-22 11:22

eThekwini - IMamelodi Sundowns isishaywa okwesibili emdalweni wabo we-PSL njengoba ibhaxabulwe yiqembu laMazulu ngoMgqibelo enkundleni iLucus Moripe ngoMgqibelo ebusuku.

UThokozani Sekotlong uvulele ngegoli lakhe lokuqala ngomzuzu wesishiyagalombili.

AmaSandawana abehlala kahle kakhulu ngesiwombe sokuqala u-Oupa Manyisa enza ezibukwayo ngokuphaka ibhola eluhle.

USuthu luvuke ngemizuzu yokugcine yokuphela kwesiwombe sokuqala lapho uMichael Morton ecishe athola ipenadi ngokudlaliswa kabi esebhokisini.

Yize kunjalo, lesi siwombe siphele ezikaMosiname zihamba phambili futhi kufanele.

OLUNYE UDABA:Ukunqoba kweChiefs kutatazelise iPirates

Izinto zishintshe kakhulu ngesiwombe sesibili kujike izinto izinkunzi zoSuthu zithela induku sekuyophela umdlalo.

USiyabonga Nomvethe noMabhudi Khenyeza bafundise abafana abancane ukuthi lidlalwa kanjani ibhola bevulela amagoli belandelana.

Uqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane ukhale ngokuthi ukungabi bikho kukaKhama Billiat kube nesandal ekushayweni kwabo.

"Sibhekene nezikhathi ezinzima. Uma kufika izikhathi ezifana nalezi, abanye abantu bagcine sebehluthuka, kodwa kumele siyivume induku, kusho yena etshela abeSuperSport TV.

UPercy Tau u shaye ibhola elihle kakhulu ngumzuzu-37, kodwa waliphika umsizi kanompempe ngokuthi usendaweni ekungeyona nokuyinto ephoxe kakhulu uMosimane.

"Okunzima kakhulu namuhla wukuthi akekho uKhama [Billiat] ngoba wakhahlelwa ngemuva wuJoseph Molangoane. Okunye okubi wukuthi masonto onke uPercy [Tau] uhlezi edlala kabuhlungu kuthiwa akekho endaweni efanele, ngisho kungenjalo," kuqhubeka lo mqeqeshi.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.