Usuvuliwe u-N3 lapho bekuwele khona ibhulohwe

2017-08-10 07:37

Johannesburg – Uthelawayeka u-N3 usuvuliwe phakathi kuka-M2 Gildenhuys no-N3 Gillooly interchange kulandela ukuwa kwebhulohwe elihamba abantu ngoLwesithathu ekuseni.

Ngokwemibiko, sekususiwe konke obekuvimbe umgwaqo kanti nezimoto sezihamba kahle.

Ukuwa kwebhulohwe kuholele ekuvalweni kuka-N3 kanti futhi kushiye abantu abathathu belimele kabi.

OLUNYE UDABA: Uxoshiwe umqashi wendawo yokudlela obonakale eshaya isisebenzi

Ekuseni ngeSonto, uNgqongqoshe wezokuthutha nemigwaqo eGauteng, u-Ismail Vadi, uthe uthelawayeka phakathi kukaGeldenhuys interchange noVan Buuren Road ngaseGermiston kungase kuphele izinsuku ezimbili uvaliwe.

Ibhulohwe liwe phakathi kwamabili. Kuthiwa lakhiwa ngo-1978 kodwa besekuphele iminyaka lingasetshenziswa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.