Usuwaphenduka isidleke sokwenzela ucansi umuzi weqhawe lomzabalazo

2017-06-11 10:26

Johannesburg - Amawindi aphahlazekile, phansi kugcwele amakhondomu nokunye ukungcola emzini weqhawe lomzabalazo uWinnie Madikizela-Mandela ahlala kuwona iminyaka engu-8.

Kulo muzi oselokishini laseMajwemasweu ngaphandle kwaseBrandfort, eFree State uMadikizela Mandela wayelala kuwona, epheka kuwona ebhalela khona izincwadi lowo owayengumyeni wakhe uNelson Mandela.

Lo muzi usubonakala ngebhodi kuphela ukuthi kwakungoweqhawe lomzabalazo, njengoba ibhodi leli lichaza ukuthi uzophendulwa isigcinamagugu.

Kodwa nakuba sekwasetshenziswa imali engu-R1.8m, akukho oseke kwenziwa kulo muzi.

Ngokusho kwe-Independent Development Trust (IDT), uMnyango wezobuCiko namaSiko waqale wabeka eceleni imali engu-R3m ukulungisa lo muzi bese uphendulwa isigcinamagugu, kuleyo mali banikezwa u-R1 858 195.71 ukuba baqaphe wonke umklamo.

Baqoka umakhi ngo-R2.5m ngoNovemba 2013, kodwa inkontileka yadatshulwa ngonyaka olandela ngenxa yokuthi wahluleka ukwenza umsebenzi.

OLUNYE UDABA: Kubohwe ubaba ngokubulawa kwendodakazi

Ngaleso sikhathi, i-IDT yayisisebenzise u-R593 622 ukwenza umsebenzi wokuqhumanisa, okubakwa kuleyo mali no-R117 543,” kusho okhulumela i-IDT uLesego Mashigo.

Uthe ngokuhamba kwesikhathi imali yomklamo yancishiswa yabekwa ku-R1.36m, nokusho ukuthi kunezinto okwakungeke zisafakwa.

Uthe bona sebelinde uMnyango ukubaubagunyaze baqoke omunye umakhi ozokwenza umklamo.

Port Elizabeth – Amaphoyisa ase-Eastern Cape asekuqinisekisile ukuthi kushone umuntu oyedwa emlilweni ohlasele kulesi sifundazwe, endaweni engaphandle kwasePort Elizabeth.

Umlilo ubusaqhubeka nokubhebhetheka eHumansdorp, Jeffreys Bay, Port Elizabeth ngoMgqibelo, kusho uCaptain Gerda Swart etshela iNews24.

Iningi lezakhiwo kanye nezitshalo kushile, kuhlanganisa neWoodridge College engaphandle kwasePort Elizabeth.

"Ngezithuba zabo-17:00 ngoMgqibelo, owesifazane oneminyaka engu-75 ubudala ushonile epulazini labo eliseThornhill. Umyeni wakhe ungeniswe esibhedlela enezibazi zokusha,” kusho uSwart.

Amaphoyisa avule idokodo ukuze kuphenywe, kanti abezicimamlilo bajutshwe endaweni, kusho uSwart.

Okwamanje kuthiwa akwaziwa ukuthi yini equbule umlilo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.