Usuya kumxazululi umdonsiswano waMashaba neSAFA

2017-02-08 13:00

Cape Town – Umdonsiswano oqhubekayo phakathi kwalowo owayengumqeqeshi weBafana Bafana, uShakes Mashaba, kanye nenhlangano yebhola kuleli, iSouth Africa Football Association (SAFA) sewudluliselwe kumxazululi.

UMashaba wafaka udaba lokuxoshwa kwakhe kuCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) nalapho ayemangalela khona iSAFA, ekhala ngokuthi abuzange bube khona ubulungiswa ekuxoshweni kwakhe.

OLUNYE UDABA: Akusho lutho ukuthi ubani oqeqesha iBafana - Zuma

Lolu daba luqhubeke ngoLwesibili (mhlaka-7 kuFebhuwari) kanti ngokombiko weKickOff, izinhlangothi zombili zihlulekile ukufika esivumelwaneni. Lokhu kusho ukuthi sekuzongenelela umxazululi (arbitration).

“Asifiki esixazululweni futhi manje udaba luya kumxazululi,” lokhu kudalulwe ummeli kaMashaba, uClaudio Bollo.

UMashaba waxoshwa njengomqeqeshi weBafana Bafana ngoDisemba wangonyaka ka-2016.

Kodwa-ke lo mqeqeshi oneminyaka engu-66 ubudala akazimisele neze ukugoba uphondo njengoba enza imizamo yokuthi abuyiselwe eqenjini lesizwe.

Ngaphambilini uMashaba wake waqeqesha iqembu lesizwe labadlali abaneminyaka engaphansi kwengu-23 kanye nabaneminyaka engaphansi kwengu-17.

Kulindeleke ukuthi isinqumo ngalolu daba simenyezelwe ngomhlaka-14 kuFebhuwari. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.