UTau usongela umqeqeshi weChiefs

2017-10-16 14:04

Durban – Usongela uSteve “Mphathi” Komphela ololonga iKaizer Chiefs umdlali weMamelodi Sundowns osefomini kulezi zinsuku.

IChiefs izodudulana neSundowns kowe-Absa Premiership kusasa ngoLwesibili ngo-19:30 eLoftus Stadium, ePitoli.

Lo mdlalo uza nengcindezi kumqeqeshi weChiefs njengoba kuvela ukuthi izikhulu zale kilabhu zimnqumele ugwayi katiki ukuba anqobe imidlalo emithathu ilandelana kungenjalo ibhantshi lizogcwala umoya, kubika ILANGA.

NoPitso Mosimane ocija iDowns naye ubhekene nengcindezi njengoba kuthiwa uMengameli wale kilabhu uPatrice Motsepe ufuna le kilabhu yakhe ibuyele emidlaweni yase-Afrika. Ukuze iDowns iye kule midlalo yase-Afrika kusho ukuthi kufanele inqobe isicoco seligi.

UPercy Tau odlala esiswini kwiDowns uthi uyazwelana noKomphela njengoba ebhekene nobunzima kodwa ayikho into abangamsiza ngayo ngoba nabo bagaqele isicoco seligi.

“UKomphela ungumqeqeshi oseqophelweni eliphezulu futhi ohlonishwayo ebholeni lakuleli kodwa akukho esingakwenza ukumtakula ngoba sidinga amaphuzu agcwele kulo mdlalo hhayi okungaphansi kwalokho.

OLUNYE UDABA: Usenqunyelwe okatiki uKomphela

“Ngiyazwelana naye kodwa esizokwenza kulo mdlalo ngeke kuze kube mnandi. Ukuze unqobe iligi udinga ukushaya amakilabhu amakhulu njengayo iChiefs yingakho kulo mdlalo sizoya ngomkhulu umfutho.

“Okuhle nje sibe nesikhathi esanele sokuphumula, imizimba esisimweni esihle kanti nemimoya iphezulu ekhempini,” kusho uTau.

UGeorge Malukele odlala esiswini kwiChiefs uthi uyakwazi okufanele bakwenze kulo mdlalo.

“Lo mdlalo uzoba nzima kodwa sinethemba lokuthi sizobuya nemiphumela egculisayo. Ufana nowamanqamu kithina noma kanjani kufanele siwunqobe. Ngaphandle kwalokho siyolwela umqeqeshi wethu njengoba sonke sazi ukuthi abalandeli bazizwa kanjani ngaye njengoba imiphumela isasiphika.

“Yilona thuba lokuguqula lesi simo leli alikho elinye. Engikucelayo kubalandeli wukuthi bangalwi nathi kunalokho basikhuthaze ukuze sisiguqule lesi simo.

“Lesi simo sibhekene nathi sonke ngakho-ke kubalulekile ukuthi sibambisane ukuselapha,” kusho uMaluleka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.