UTau uthi ngeke azifakele ingcindezi ngodaba lokuya pheshaya

2017-10-25 09:24

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uPercy Tau ukholelwa ukuthi usenalo ithuba lokwenza kangcono ebholeni, kanti futhi iyamjabulisa eyokusebenzisana noPitso kanye noBaxter.

UTau usekhulile selokhu ebuyile kade ebolekiswe ngamaBrazilian kwiWitbank Spurs ngasekuqaleni kwesizini edlule, waze wasiza ikilabhu yakhe kwiCAF Champions League, FIFA Club World Cup nakwi-CAF Super Cup.

Kulo nyaka nokho izinto zibukeka zingelula kulo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala, njengoba esashaye amagoli amahlanu kuyona yonke imiqhudelwano.

Kodwa uyavuma ukuthi kuningi okusamele akufunde.

“Luselude ukhalo. Angizahluleli ngemidlalo embalwa engisayidlalile kule sizini, ngakho akukho mayelana nalokho,” kusho uTau kwi-KickOff.com.

"Mningi umsebenzi okusamele siwenze njengekilabhu, futhi nami ngokwami kunezinto okumele ngizilungise. Iseyinde indlela kuthina [kule sizini].

OLUNYE UDABA: OwePirates wethemba ukuthi uzoyilungisa eyokungawini

"Mina ngizohlale ngizimisela, ngibone lapho-ke ukuthi kwenzakalani.”

Khonamanjalo, lo mdlali selokhu kufike uStuart Baxter kwiBafana Bafana usevamile ukuthola ijezi, nokwenza amtuse kakhulu lo mqeqeshi.

"Ngijabulile kakhulu ngokusebenzisana noStuart eqenjini lesizwe, ungumqeqeshi usezingeni eliphezulu futhi uqonda izinto eziningi,” esho.

"Ekilabhini yami, ngijabule ngokusebenzisana noPitso [Mosimane]. Ngilapha engikhona ngenxa yomsebenzi awenzile kimina, nokukholelwa kwakhe kimina.”

Mayelana nesicelo sabalandeli sokuba ayodlala pheshela kwezilwandle ekupheleni kwesizini ka-2017/18, UTau uthi ngeke azifakele ingcindezi kodwa uma elithola ithuba uzolibamba ngazo zombili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.