Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uTeko Modise usechaze
iminyaka emine eyedlule njengokuyiyona egqame kakhulu selokhu aqala ukudlala ibhola
njengoba kumanje ethungatha inkomishi eyodwa angakayitholi kuleli.
UModise
wajoyina amaBrazilians esuka kwi-Orlando Pirates ngoJanuwari 2011.
Ngemuva
kweminyaka emihlanu, uModise usethathe izicoco ezimbili ze-Absa Premiership, iNedbank
Cup neTelkom Knockout eChloorkop.
Funda nalolu daba: Isiqala ukudida ekaXulu neChiefs
Lo mdlali usezwakalise ukuthi uyaziqhenya ngalokhu
kodwa usalambele inkomishi yeMTN8.
Uthi
usakujabulela ukuba kuleli qembu leDowns futhi unethemba lokuthi usazoba
nesandla ekusizei iqembu liqhubekele phambili, kubika iKickOff.com.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).