UTeko uthi ujabule kakhulu kwiCity

2017-12-22 18:00

Cape Town - Yize ebhekwe yishobolo lokulimala kusukela athuthela eKapa, uTeko Modise uthi kuyamthokozisa kakhulu ukuba yingxenye yezinhlelo zeCape Town City.

UModise, ohlanganisa iminyaka engu-35 yobudala ngoLwesihlanu, wajoyina amaCitizens esuka kwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuqala kwale sizini.

Ukulimala nokho kuyisithiyo endleleni yalo mdlalo, kepha yize kunjalo ukwazile ukubhukula waqala imidlalo emihlanu kwathi kwemine wangena imidlalo isiphakathi kwiligi, wafaka igoli elilodwa. Ubonakale emidlalweni emithathu yezinkomishi.

OLUNYE UDABA: UTwitter uphawula ngodaba 'lokusetshenziswa komuthi' kwiPirates

UModise uthi ukufudukela kwakhe kule kilabhu wayengabhekile kuphela ukuthola ijezi, kepha kumnandi kuye ukuba yingxenye yohlelo olubukeka luzothela izithelo, wathi futhi uyawuthanda umbono kaJohn Comitis ngekilabhu.

"Sengike ngahlangana ngaphinde ngaxoxa noJohn ngentshisekelo anayo ngebhola lezinyawo. Kuyagqugquzela kakhulu lokho," esho etshela iKickOff

"Lolu wuhlobo lwabantu engithanda ukusondelana nabo, abantu abanentshisekelo futhi abafuna ukubona abanye bephumelela. UJohn unalowo mqondo.

"Ngifuna ukuba yingxenye yalokhu isikhathi eside, ngisho noma kuthiwa angilitholi ijezi."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.