Uthathe umhlalaphansi owayengumdlali wePirates

2017-02-15 19:36

Johannesburg - Lowo owayengumdlali we-Orlando Pirates uDikgang Mabalane usewabeke ethala amakhokho, kubika iKickOff.com.

UMabalane, oshiye iMoroka Swallows ngaphambi kokuqala kwesizini ngemuva kokuba leli qembu ligawulwe yizembe ku-NFD layodlala ku-ABC Motsepe League, wadlala umdlalo owodwa kwiBafana Bafana kanti futhi wayeyingxenye yeqembu lePirates elathatha izinkomishi ezintathu ngesizini eyodwa ngo-2012.

Lo mdlali, 37, uke wadlalela iSuperSport United, Maritzburg United neJomo Cosmos, kanti waqala ukubonakala ku-PSL edlalela eZenkosi ngesizini ka-1999/2000 bedlala neBidvest Wits, eVosloorus.

OLUNYE UDABA: Owaduba umsebenzi wePirates usazimisele ngokuqeqesha iBafana

"Yebo, namhlanje ngikhipha isitatimende esisemthethweni sokuthi sengiwabeke ethala amakhokho,” kusho uMabalane.

"Ngicabanga ukuthi sengizuze okuningi, sekuyisikhathi sokuba ngidedele intsha.

"Ngisebenze kahle futhi angizisoli ngalutho. Ngifunde lukhulu, okuhle nokubi. Kokubili kuyizifundo ezibalulekile empilweni.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.