Uthelwe phansi ngequpha umsakazi wodumo - Umbiko

2017-06-11 12:16

Durban - Isimo kuthiwa siphenduke samuncu endaweni yobumandi ngesikhathi kulahlwa phansi usaziwayo odumile eNingizimu Afrika futhi ongusomabhizinisi.

Imithombo yeLANGA LangeSonto engalali endleleni ipotshozele leli phephandaba ukuthi uThabo Molefe odume ngelika Tbo Touch ushaywe kabuhlungu eseKong, eSandton eGoli, ngoMgqibelo odlule lapho ubenze khona umcimbi.

Le ndawo iyaziwa ngokuba ngeyeqophelo eliphezulu njengoba ihanjelwa ngomtakabani abadla izambane likapondo kanye nosaziwayo abasezingeni eliphezulu.

Ngisho umshayi sibhakela osethathe umhlalaphansi odume umhlaba wonke uFloyd Mayweather wase-United States of America (USA) uke wavakashela kule ndawo.  

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa uTouch ushaywe ngemuva kokungaboni ngasolinye nabathile abehamba nabo. 

Ulanda umthombo uthi umsindo uqale ngesikhathi sekumele kukhokhelwe iziphuzo ezibiza imali eshisiwe, ebezicima ngazo ukoma izimenywa. 

Kuthiwa bekulindelwe isiqumama esithile ebesizokhokhela i-bill yalezo ziphuzo kodwa konakala sesingasafiki leso siqumama esingatholakalanga igama laso, kwase kuqala ukuqophisana ngamagama.

OLUNYE UDABA: ISidingo siphume phambili ezinsolweni zokucwasa

Omunye umthombo osondelene kakhulu noTbo Touch, obukhona kwenzeka lesi sigameko, yize noma ungandanga ngamazwi kodwa usiqinisekisile lesi sigameko.

"Kube wumzuzu odumazayo lowaya. Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngale nto ngoba uTouch sizwana kakhulu naye," kusho umthombo.

Lo mthombo uveze ukuthi bebebaningi abantu abebekule ndawo ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Okhulumela uTbo Touch uLulu Mthimkhulu, uvumile ukuthi uTouch ubeseKong ngalolu suku ehambisana nethimba labasakazi besiteshi sakhe iTouch HD beyokwethula ngokusemthethweni iJuly Touch Convoy, okuyinhlabaluhide yezimoto ezizobe zisuka eGoli ziphelele eThekwini njengoba kuzoba nomjaho wamahhashi omkhulukazi iVodacom Durban July (VDJ). 

Uphike walala ngomhlane ukuthi kube khona ukuhilizisana.

"Asikho isigameko esifana naleso, ngoba sasinomcimbi laphaya futhi sihamba nabasakazi bonke," kusho uLulu Mthimkhulu.

UTouch uzakhele igama ngesikhathi esengumsakazi eMetro FM asebenze kuyo iminyaka eminingi, kwaze kwaba ukhonjwa indlela ngonyaka odlule.

Usuke lapho wajoyina uGareth Cliff, basebenzisa kwisiteshi somsakazi esitholakala kwi-internet sikaGareth, esibizwa ngokuthi yiCliff Central. Akahlanga isikhathi eside njengoba exebuke lapho, wabe eseziqalela esakhe isiteshi naso esitholakala kwi-internet iTouch HD.

Uphinde wazakhela igama ngokusungula umkhankaso obizwa ngokuthi yiTouch 4 Pipes Convoy, okuyinhlabaluhide yezimoto ezibiza imali eshisiwe, ezishaya ngamapayipi angaphezu kwamabili, ezihamba zishaye ujenge uma kunemicimbi emikhulu egcwele osaziwayo.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.