Uthembisa ukubahlenga kotokoloshe

2017-08-07 19:30

Durban - Utakulwa yinyanga-mthamndazi yaseMlazi, eningizimu yeTheku, umndeni wakwaZulu-okungesona isibongo sawo sangempela, ukuvikela isithunzi sawo- waseMount Royal, enyakatho yeTheku ILANGA elibike ngayo ngesento eleldlule ukhala ngokuhlushwa ngotokoloshe bomfowabo oboshiwe abalande enyangeni ngo-2015 ngoba efuna ukuceba ngabo.

UNhlanhla Cele, oyinyanga edumile eMlazi, uzinikele ukusiza lo mndeni ngokuthi azithathe lezi zilwane ukuze ziyeke ukuhlupha abakwaZulu.

Uveze ukuthi kuyingozi enkulu ukuthwala ngezilwane ngoba zigcina zikhiphe umphefumulo womuntu ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA:Bahleli lubhojozi yizilwane zomfowabo

"Kumele lo mndeni ukubonge ukuthi umfowabo ugcine eboshiwe ngoba bezizogcina zikhiphe isidumbu. Izinyanga ezithwalisa abantu ngezilwane kazilikhulumi iqiniso ngobungozi bazo ngesikhathi zisabathwalisa.

"Kulula uma zizothathwa ngumuntu osebenza ngamakhambi njengami ngoba ngiyazi ukuthi zilawulwa kanjani," kusho uCele.

Uthi uzowusiza l;o mndeni azithathe zingaphinde zibuyele kuwona.

Utshele ILANGA ukuthi izilwane lezi ziba yingozi kumnikazi wazo, othwele ngazo, ngoba zigcina sezimlawula ukuba aphile kanjani " uma ungayenzi into efunwa yizona uyafa".

ILANGA libike kabanzi ngeledlule ngomndeni wakwaZulu, amantombazane akhona abekhala ngokuthi ahleli lubhojozi ngenxa yezilwane zomfowabo oboshiwe owazithatha enyangeni yaseNdwedwe, enyakatho yeTheku, ukuze ezoceba.

La mantombazane aveze ukuthi umfowabo uzivumele ngokwakhe ngesikhathi emvakashele ejele ukuthi lezi zilwane ngezakhe, uboshwa nje, ubesanda kuzilanda enyangeni.

Athe umfowabo uboshelwe icala lokubulala usomatekisi, nakhona ubethenjiswe itshe lemali uma ewenze kahle umsebenzi.

Atshele ILANGA ukuthi umfowabo ubengawaxoxelanga lutho ngesikhathi eyolanda lezi zilwane. Aqale ukuzwa ngentombi yakhe abehlala nayo - ibihlale ithi isayophakela izilwane zakhe. Indaba athi iqale ukushuba eseyixoshile intombi yomfowabo, izilwane sezisele zodwa zingasaphakelwa muntu, zaqala ukuhlupha zilala nawo ziqeda nikudla, seziqala nokuhlupha omakhelwane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.