Uthi akanankinga nezitabane umfundisi waseNquthu

2016-05-05 11:34

Durban - Ngesikhathi umfundisi uThabani Khanye eqala ukuthola imiqhafazo enkundleni yezokuxhumana iWhatsapp evela kwisitabane sidalula usiyamthanda wayecabanga ukuthi kube yiphutha.

Kodwa washaqeka ngesikhathi ethola ukuthi kukhona obhale ekhasini lakhe likaFacebook ecela ucansi emadodeni lo mfundisi oneminyaka engu-35 ubudala webandla iSpiritual Movement Church eNquthu KwaZulu-Natal uthe waqala ukubona ukuthi kukhona okunuka santungwana ngesikhathi ethola ucingo ngesonto eledlule oluvela endodeni ethi inombolo yakhe yocingo yayithola ku-Fcebook.

Lo mfundisi wabe eseqala ethola izikhalo kubazalwane.

OLUNYE UDABA: Zihlukanisile izitabane zodumo lomshado wesintu

"Ngesikhathi ngibheka ku-Facebook, kukhona umuntu ofake isithombe sami nomyalezo ocela ucansi emadodeni."

Lo mfundisi uthe lesi sithombe sasifakwe ekhasini lomsakazo womphakathi iNquthu Community Radio, lapho angumphathi khona.

"Ngaya ebandleni ngeSonto wachazela abazalwane ukuthi angizange ngifake lutho kuFacebook. Ngakucacisa nokuthi angisiso isitabane."

UKhanye uthe usola ukuthi lo mbhalo umayelana nombango wokuphatha umsakazo.

"Safakwa enkantolo yindoda esencane ethi ngebe umsakazo kuyo kodwa imkantolo yavuna mina. Ngisola ukuthi umuncu kanti futhi ufuna ukungicekela phansi."

Uthe yize kunjalo akanankinga nezitabane kodwa udiniwe ngalowo ofuna ukucekela igama lakhe phansi.

Unkosikazi walo mfundisi uLungile oneminyaka engu-34 ubudala uthe umyeni wakhe akasiso isitabani  kodwa akasakwazi ukubheka omakhelwane.

UMajor Thulani Zwane uthe kuvulwe icala lokuthuka kodwa akukaboshwa muntu.

Umbhalo obukuFacebook usususiwe kulandela ukuvulwa kwecala, kubika iDaily Sun.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.