Uthi akazi usinde kanjani umnikazi wethaveni okungene kuyo itekisi

2017-09-07 12:31

eGoli - UJoseph Ngubane walahlekelwa yibhizinisi lakhe ngesikhathi itekisi lishayisa ibhilidi eliku-Orange Groove eGoli.

Lo baba onezingane eziyishumi uthi namanje akazi ukuthi usinde kanjani kulesi sigameko esenzeke ngoLwesithathu ekuseni lapho kulimale khona abagibeli abangu-16.

"Angazi ukuthi ngisinde kanjani. Ngo-19:00 ebusuku bengiyongena emotweni ngaphandle kwaleli bhilidi. Kuthe kusenjalo kwaqhamuka itekisi lihamba ngesikhulu isivinini lashayisa enye itekisi ngemuva," kusho yena.

OLUNYE UDABA:'Itekisi ebulale abantu abangu-19 ibingenamabhuleki, ilayishe ngokweqile'

UNgubane uthi kubuhlungu lokhu okwenzekile ngoba akazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani ukuze ondle umndeni wakhe manje.

"Nginezingane eziyishumi kanti zonke bengizondla ngemali yaleli bhizinisi," kuqhubeka yena.

Umshayeli wetekisi yesibili eshayiswe ngemuva uNcube Qhubeka, 29, uthe leli tekisi liqale lashaya udonga lwalesi sakhiwo lase lishayisa itekisi lakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.