Uthi bafuna ukuphinda okwenziwa yiPirates oweDowns

2016-07-28 13:32

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uSiyanda Zwane uthi iqembu lakhe lifuna ukuphinda okwenziwa yi-Orlando Pirates ngokuthi linqobe umqhudelwano weCAF Champions League.

ISundowns idlulele kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano ngemuva kokushaya iZamalek 1-0 eLucas Moripe Stadium ngoLwesithathu ebusuku, kubika iKickOff.com.

“Umuzwa omnandi lona,” kusho uZwane ngemuva komdlalo. “Ngijabule kakhulu, ngiyehluleka nokuchaza.”

Funda nalolu daba: Injabulo ibhalwe ebusweni kuPitso

"Ngifuna kube ne-star ejezini leSundowns … mina ngokwami sengizinqobe zonke izicoco kuleli qembu, yilesi kuphela okumele ngisinqobe.”

I-Orlando Pirates yilona kuphela iqembu elidlala ku-PSL elisanqobe lesi sicoco sase-Afrika, kanti uZwane ukholelwa ukuthi iqembu lakhe lingakuphinda okwenziwa yiBhakabhaka.

“IPirates yasikhuthaza: sazitshela ukuthi uma iPirates yakwazi ukukwenza, nathi singakwenza.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.