Uthi iyaqaqamba inhliziyo ngokuphuthwa yithuba lokudlala kwi-PSL obedlalela iThanda

2017-07-10 13:59

Durban – Lowo obengunozinti weThanda Royal Zulu, uXolani Ngcobo, uthi namanje kusenzima ukukholwa ukuthi angeke aze adlale kwiPSL ngesizini ezayo ngemuva kokuthi leli qembu lidayisele AmaZulu isikhala salo sokudlala kwiPSL, kubika iKickOff.com.

UNgcobo ubambe iqhaza elikhulu emapalini eThanda engxenyeni yesibili yeNational First Division njengoba AmaBhubesi egcine ethathe isicoco seligi maqede azitholela indawo yokudlala kwi-Absa Premiership ngesizini ka-2017/18.

Kodwa-ke uSihlalo waleli qembu, uPierre Delvaux, uvele wanquma ukudayisela Usuthu isikhala saleli qembu sokudlala kwi-Absa Premiership ngemuva kokukhala ngezindleko ezinkulu zokuphatha iqembu esigabeni esiphezulu.

UNgcobo, nowajoyina iThanda ngesikhathi kuvuleke iwindi lokuthenga kanye nokudayisa abadlali ngoJanuwari evela kwiBaroka FC, uthi abadlali abazange bacatshangelwe nhlobo ngemuva kokulwa kanzima ukuze leli qembu linyukele esigabeni esiphezulu.

OLUNYE UDABA:Iqembu laphesheya liqinisekise ukusayina umdlali weBafana

“Kubuhlungu kakhulu kodwa ayikho into engingayenza manje ngoba isinqumo sesenziwe,” uNgcobo utshele iKickOff.com.

“Kubuhlungu ngemuva kwamandla angaka umuntu awafakile.

“Kuzothatha isikhathi kumina ukuthi ngikudlulise lokhu ngoba kuzomele ngiphinde ngiqale phansi ukuze ngithole ukunyukela esigabeni esiphezulu, nokuyinto engelula.

“Lona bekuwumzuzu oshintsha impilo [kubadlali]. Kuzoba nzima ukushintsha impilo yami ngemuva kokubhekana nalokhu. Kodwa zonke izikhathi empilweni ziyadlula futhi ngithemba ukuthi nalokhu kuzodlula.”

Lo nozinti obevimbela iRoyal Eagles uthi akakabi naso isiqiniseko sokuthi uzodlala kuphi ngesizini ezayo wathi kodwa kuzoba nomhlangano phakathi kwakhe noSihlalo weRichards Bay FC, uJomo Biyela, owamthatha kwiBaroka ngesikhathi eyi-CEO yeThanda.

Kodwa uthi angeke kuze kube lula ukukhuluma naye ngoba akekho esimweni esikahle somqondo ngenxa yokuthi ubesezitshelile ukuthi ngesizini ezayo uzobe egijima esigabeni se-Absa Premiership, nokuyinto engeke esenzeka. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.