Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uWayne
Arendse utshele iKickOff.com ukuthi
“konke okukhulunywayo kusangamahlebezi” mayelana nokuthi angase ajoyine
i-Orlando Pirates.
Umqeqeshi wePirates uMuhsin Ertugral kukholakala
ukuthi ugaqele lo mdlali njengoba efuna ukuqinisa udonga lwasemuva ngaphambi
kokuqala kwesizini entsha.
“Lisekhona ithuba lokuvuselela inkontileka
ngoJanuwari ngoba yisizini yami yokugcina lena kwiSundowns [ngokwenkontileka], futhi
angiboni kuzoba nezinkinga ngalokho,” usho kanje.
Funda nalolu daba: UTinkler ngeke amthathe uBacela
“Ngalesi sikhathi sesizini uzozwa futhi
ufunde ngemibiko enjena. Kodwa kusezandleni zeSundowns ukuba ithathe isinqumo
ngekusasa lami.”
“Uma iPirates izimisele ngami, kusho kuthi kukhona into
engiyenza kahle. Ngingasho nje ukuthi lokho kuyangijabulisa.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).