Uthi nakuba ehlawulisiwe usazimisele ngokudlala kwiDowns

2016-07-21 08:30

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns, u-Anthony Laffor, uthi uzoqhubeka nokudlalela leli qembu futhi uyasihlonipha isinqumo salo.

Ukusho lokhu ngemuva kokuba ehlawuliswe yiSundowns ngokwehluleka kwakhe ukubuya ezozilolonga ngenyanga edlule ngesikhathi eyodlalela iqembu lesizwe lakubo, iLiberia.

Lo mdlali oneminyaka engui-31 ubudala usexolelene neDowns kanti usebuyele enkundleni njengoba wayengomunye wabadlali abaqala umdlalo ngesikhathi iqembu lakhe lishaya iZamalek ngo-2-1 ngeSonto.

Funda nalolu daba: Ukomphela ugcine esenzile isinqumo ngoXulu

"Akukho ngxabano phakathi kwami nomqeqeshi. Izinto ezinjena ziyenzeka kuwona wonke amaqembu ebhola kodwa zigcine zilungisekile. Konke kuhamba kahle manje.” Kusho uLaffor, obesemataniswa neBidvest Wits kanye neKaizer Chiefs.

"Nginenkontileka neSundowns, izindaba zokuthi ngizohamba zingamahlebezi nje kwaphela.

Uthe kudingeka ukuba enze konke iqembu elithi akakwenze futhi uzimisele ngokuhlala kwiDowns, kubika iSowetanLive.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.