Johannesburg - UNorodien usesayinile kwi-Orlando Pirates nakuba leli qembu lungakasenzi
izimemezelo njengokuba lenza ngo-Abbubaker Mobara ayedlala naye kwi-Ajax Town.
Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala uthi uma
abalandeli bengamvotela ukuba adlale kwiCarling Black Label Cup ngoJulayi 31,
nakanjani ngeke abadumaze.
Funda nalolu daba: Ushaya ibuya uMashamaite
“Okokuqala nje ngithanda ukuthi kuzobe
kufezeke iphupho lami uma ngingadlala emdlalweni womkhaya baseSoweto enkundleni
egcwele phama, kusho uNorodien kwiKickOff.com.
“Ngikhombiseni ukungethemba ngokuthi
ningivotele ngibeyingxenye yomdlalo omkhulukazi womkhaya baseSoweto.”
“Ngizolenzela konke iqembu uma ngingathola ithuba, ngeke
ngidumaze.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).