Uthi ubejahe ekhaya obanjwe ehamba ngesivinini sika-192km/h

2017-10-30 12:30

Johannesburg – Amaphoyisa omgwaqo aseKurhuleni abophe abashayeli abangu-11 ababanjwe behamba ngesivinini esingaphezu kwesivumelekile ngoMgqibelo ekuseni. Omunye ubanjwe ehamba ngo-192km/h endaweni ka-120km/h.

Lo mshayeli oneminyaka engu-30 ubudala, obehamba nge-BMW eluhlaza sasibhakabhaka, kuthiwa utshele amaphoyisa ukuthi ubejahe ekhaya yingakho ebegijima emgwaqeni.

Enye indoda ebishayela i-Audi ihamba ngesivinini sika-188km/h endaweni ka-120km/h ku-Elands Interchange emgwaqeni omkhulu u-N3, kuthiwa itshele amaphoyisa ukuthi iphuthuma eThekwini.

Owesilisa oneminyaka engu-60 ubudala uboshwe ehamba ngesithuthuthu ngejubane lika-166km/h, wathi uma ebuzwa wathi ujahe emhlanganweni, kanti omunye umshayeli, 38, obehamba ngeMercedes Benz naye ubanjwe ehamba ngesivinini esifanayo.

“Bobane baboshiwe base begcinwa esiteshini samaphoyisa esiseGermiston ngaphambi kokuba badedelwe ngebheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye. Kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseGermiston kungekudala,” kusho isitatimende.

OLUNYE UDABA: Umshayeli we-Porsche ubanjwe ehamba ngesivinini sika-256 km/h

Khonamanjalo, kuboshwe abashayeli abayisikhombisa emgwaqeni uR21 phakathi kukaNorth Rand Road noN12, okuyindawo okuvumeleke ukuba kuhanjwe kuyo ngo-80km/h.

Umshayeli oneminyaka engu-21 ubudala uboshwe ehamba ngo-158km/h kule ndawo. Kuthe uma ebuzwa ukuthi kwenzenjani wathi ujahe ukuyobona abagulayo ekhweni.

Indoda, 43, ebihamba ngesithuthuthu sakwa-BMW ibanjwe ihamba ngo-146km/h iya enxanxatheleni yezitolo.

Bonke la bashayeli bayiswe esiteshini samaphoyisa eBoksburg North, e-East Rand, kanti babhekene namacala okushayela budedengu. Bonke badedelwe ngebheyili ka-R1 000 umuntu ngamunye.

Kulindeleke ukuba bavele enkantolo maduze.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.