Uthi ugogo ukhathele ucansi, umkhulu uthi angalwenza aze ahlanganise engu-110

2016-07-22 13:30

Bulawayo - Owesifazane akakwazanga ukumelana nomyeni wakhe ohlezi elangazelele ucansi njengoba esekhethe ukuyommangalela enkantolo, efuna incwadi yokuzivikela.

U-Elizabeth Mupamba, 65, usolwa umyeni wakhe uWilliam Mupamba, 66, uhlezi nje yena efuna inkonzo yasekamelweni, mihla namalanga kanti unomkhuba wokumhlukumeza ngokomoya nangokomzimba.

OLUNYE UDABA: Usephila ngokubaleka onentombi ethanda ucansi

Lezi zithandani esezineminyaka engu-43 zishadile zibusiswe ngezingane ezingu-11, ezine sezashona.

Lo gogo utshele imantshi enkantolo ukuthi uMupamba ufika ekhaya ebusuku ephuzile afune ukwenza ucansi.

UMupamba utshele inkantolo ukuthi lo gogo ungunkosikazi wakhe kanti unelungelo lokufuna ucansi kuye.

"Nkosi yenkantolo umyeni wami wenza umshado wethu isihogo ngokungidelela engiphoqa nasocansini. Angisenawo umdlandla wokwenza ucansi ngakho ngicela inkantolo ivune mina, ngithole incwadi yokuzivikela.

UMipamba uthe unelungelo emshadweni wakhe.

"Nkosi yenkantolo njengendoda ngiyalulangazelela njalo ucansi kanti ngokholwa wukuthi ngingalwenza ucansi ngize ngibe neminyaka engu-110 ubudala. Unkosikazi wami uma engakwazi ukumelana nalokho akangivumele ngibe nonkosikazi wesibili ozongigculisa," usho njalo.

 Imantshi ivune unkosikazi yase ibacela ukuba bahlalisane ngokuthula.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.