Uthi umfundisi walala naye ngemuva kokumthembisa imoto

2016-07-06 13:31

Johannesburg - UFundiswa uthi umfundisi wamthembisa imoto, umshado nezinto ezinhle ngaphambi kokuba alale naye bese emshiya kanjalo ngoba esekhulelwe.

UFundiswa Lekhula wase-Ipopeng eMangaung uneminyaka engu-21 ubudala, unezinyanga ezinhlanu ekhulelwe, kanti uthi umfundisi wamkhohlisa ukuze bathandane.

Uthi umfundisi oneminyaka engu-50 ubudala, u-Attie Kgware, wamthembisa umshado nokumthengela imoto entsha.

Uthi wayelokhu emtshela umfundisi ukuba abasebenzise ikhondomu kodwa athi isidoda sakhe singcwele sizomenzela izinto ezinhle empilweni yakhe, kusho uFundiswa kwiDaily Sun.

“Ngangiyilungu le-Your Choice Christian Ministries, ngoJanuwari umfundisi wangitshela ukuthi isoka lami liyangithakatha. Ngadideka, wabesesebenzisa lelo thuba ngoba ngangimethemba njengendoda kaNkulunkulu.”

Funda nalolu daba: Siyihlazo isigwebo esinikwe uPistorius - ANCWL

UFundiswa uthi umfundisi wamtshela ukuthi usebikele ngisho umama wakhe ukuthi ufuna ukumenza umkakhe.

Unkosikazi kamfundisi uthi uFundiswa ubengunobhalalz ebandleni, ubengakaze athandane nomyeni wakhe.

Umfundisi uthi uma le ntombazane ikhulelwe kungani pho ingatsheli omalume bayo babhalele ibandla incwadi. Uthi le ntombazane idinwe ukuthi akayidayisanga imoto yakhe. Akaze yena alale nayo.

IDaily Sun inayo imiyalezo okuthiwa babethumelana yona uFundiswa nomfundisi kanti nesithombe bendawonye.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.