Uthi usasaba nokuphumela emnyango ebusuku umndeni wowasikwa ibele nesitho sangasese

2017-01-26 11:31

Pietermaritzburg - Amalungu omndeni wowesifazane owasikwa ibele, isitho sakhe sangasese nezinye izicubu zomzimba endaweni yaseMdwaleni eSweetwaters ngempelasonto yangomhlaka-15 Januwari athi asesaba nokuphuma emnyango ebusuku.

UZodwa Madlala, 34, wathola ngeSonto ngasendlini yesihlobo esasinomcimbi ngoMgqibelo esaphefumula kodwa eshumpulwe izicubu zomzimba okubalwa kuzo ibele, isitho sangasese, ngaphansi kwekhwapha nesicubu sezinqa.

OLUNYE UDABA: Uhlalele ovalweni okweqe indodana yakhe ejele

Lo mndeni uthi usuhlalela ovalweni selokhu kwenzeka isigameko ngoba akwaziwa ukuthi ubani ozolandela njengoba kungakaboshwa muntu  nakuba amaphoyisa ematasa nophenyo futhi alokhu epheka ngemibuzo umndeni wesisulu.

Seloku kwenzeke lesi sigameko lomnd eni uthi uhlalele ovalweni ngoba awazi ukuthi ubani ozolandela kwazise bekungaka boshwa muntu  kodwa amphoyisa amatasatasa nophenyo njengobaegxile kakhulu ekuphenyeni umndeni wakhe umufi .

UMadlala ufihlwe ngoMgqibelo engaphelele njengabo izicubu zakhe zomzimba zingakatholakali.

Okhulumela amaphoyisa asePlessilaser uCaptain uMusa Ntombela uqinisekise ukuthi akukaboshwa muntu kodwa udaba luyaphenywa.

 - EyethuNews

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.