Uthi usekhathele ukulalwa umphrofethi osashona

2016-08-11 17:37

Johannesburg - Njalo uma enenkinga uNthabiseng wayeqonda kumphrofethi eyofuna usizo.

Kodwa manje umphrofethi usashona kanti usephendule impilo yakhe isihogo.

Yingakho uNthabiseng ethe umphrofethi wakhe ongasekho usezitika naye ocansini ubusuku bonke kanti futhi akafuni ukumyeka.

OLUNYE UDABA: Umphrofethi ufuna ucansi kubazalwane

UNthabiseng Tsholo, 36, waseVosloorus eKurhuleni uthe usekhathele ukulala nendoda engasekho eyayingumelaphi wakhe.

"Lomphrofethi wangisiza ngokuthola umsebenzi nendoda engiyithandayo. Wayengisiza kakhulu.

"Ngangihlezi ngiya kuye uma ngibhekene nezinkinga," kusho uNthabiseng.

Lo mphrofethi wabe eseshona ngo-2014.

"Ngaya emngcwabe wakhe ngangibuhlungu ngokudlula kwakhe," usho njalo.

Kwaphela izinyanga ezintathu umphrofethi esashona, uNthabiseng uthi waqala wezwa umsindo wendoda imtshela ukuthi enzeni.

UNthabiseng uthe lo mphrofethi ongasekho wabe eseqala emphoqa ukuba alale naye emaphusheni akhe.

UNthabiseng uthe: "Ekuqalnei la maphupho ayemnandi kodwa ngase ngiqala ngizwa ubuhlungu ngoba le ndoda yayilokhu ifuna njalo ngenkani.

"Ngangivuka ngimanzi ngikhathele ngiosezinhlungwini."

UNthabiseng uthe wabe eseyofuna usizo kwabanye abaphrofethi nezangoma ukuze ezoxosha le ndoda embhedeni wakhe kodwa akekho noyedwa osakwazile ukumsiza, kubika iDaily Sun.

"Ngikhathele ukulala nale ndoda engazi kahle ukuthi yangcwatshwa."

UNthabiseng uthe:"Le ndoda ilokhu ingilandela, la engiyakhona nayo ikhona. Iba nolaka nesikhwele uma ngikhuluma namadoda noma ngiya esontweni elinomfundisi oyindoda. Ngikhala ubusuku nemini. Akukho ukuthula," usho njalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.