Uthi usephapheme umculi obedla izidakamizwa

2018-01-29 18:00

Durban - "Sonke sinamadimoni asihlaselayo singazelele, ngokunjalo nengcindezi yabantu esisuke siphila nabo. Ngithi nje ngakho konke okwenzekile ngiyaxolisa kubalandeli bami ngoba bebekholelwa kakhulu kimina."

Lawa ngamazwi omculi obeshisa izikhotha phambilini u-Ishmael Morabe wodumo lweRoba Li Theka awasho engxoxweni ekhethekole abe nayo neLANGA LangeSonto.

Ukhuluma kanjena nje, uphendula umbuzo wokuthi akezuphinda na abagile abalandeli bakhe njengoba esekhuza ibuya engomeni kaShaik Omar entsha ethi Skyline.

U-Ish (njengoba abuye abizwe kanjalo) uphoxe abaningi phambilini edla isidakamizwa i-cocaine kwaze kwaba kuyaphela ngomculo abethandelwa wona.

OLUNYE UDABA: UKelly Khumalo uvumile ukuthi wayedla izidakamizwa - Umbiko

Ugxile kakhulu kulesi sidakamizwa ngesikhathi izinto zimhambela kahle esacula neqembu iJozi alijoyine ngo-2007 emuva kokuhlukana nenkampani ka-Arthur Mafokate i-999 Records.

Ephawula ngokudla kwakhe izidakamizwa uthi ufakwe ngabangani, abanye abengabazi nokubazi abebezidondeza ngoba nakhu edumile.

Echaza ngalokhu eminyakeni edlule uthe ubedla cishe u-R2 000 phakathi nesonto kodwa ngezimpelasonto ibifinyelela ku-R10 000 nokuholele ekutheni aphelelwe yimali, abe wuphuya uqobo.

Uze wazinikela esikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo ezama ukuphuma ezidakamizweni. Kugcine ukubikwa ngaye kwabezindaba engasenamsebenzi emculweni futhi esethandana nomculi waphesheya kwezilwandle obesehlala kuleli uPuff Johnson abahlangana naye ngo-2009 eGhetto Ruff. UJohnson wadlula emhlabeni ngo-2013 ebulawa wumdlavuza wesibeletho.

Udaba oluphelele ephephandabeni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

5 scientific benefits of owning a cat

According to science, just the act of watching cats itself can bring about positive emotions – so it comes as no surprise then, that owning a cat has a number of benefits.

 

Paws

Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
This special pooch inspired his brother to learn to stand again
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.