Uthi useyixolele intombazane eyaqamba amanga yambophisa

2016-07-12 11:32

Johannesburg - UJames Tembe uthi useyixolele intombazane eyamqambela amanga wahlala iminyaka emithathu ejele ngemuva kokugwetshwa udilikajele.

Ngo-2013, wagwetshwa yiNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay udilikajele ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula.

Ngokuhamba kwesikhathi intombazane yavuma ukuthi yaqamba amanga ngokuthi yadlwengulwa.

UJames,45, waKwaSokhulu eMpangeni, eKZN uthi akasoli ingane ngokuthi yamqambela amanga.

Funda nalolu daba: kuboshwe iphoyisa ngokubulwa komshayeli

“Intombazane yaqamba amanga kodwa yayingazi ukuthi amanga azocekela phansi impilo yami,” usho kanje etshela iDaily Sun.

“Ngikhala ngemantshi ngokungenzi uphenyo kahle ngobufakazi obalethwa phambili.”

UJames, ongubaba wezingane ezinhlanu, wanikezwa ibheyili ka-R1 000 yiNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay ngoMsombuluko odlule kodwa uzewadedelwa eQalakabusha Prison ngoMgqibelo.

UJames uzophinde avele enkantolo ngomhlaka 12 Agasti njengoba kusazokwenziwa uphenyo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.