Uthi usiza unina osolwa ngokulala noyise omncane

2016-08-12 11:31

Ekurhuleni  - U-Anna Mpila uthi waqala ukusola ukuthi indodakazi yakhe imudla izithende ngesikhathi eyibamba iqabula umyeni wakhe, kubika iDaily Sun.

Uma ebabuza, kwaphendula umyeni kuqala ethi umqabula njengobaba eqabula indodakazi.

“Lokhu akuzange kwehle kahle kimi ngoba bese kunoshintsho kumyeni wami, uma eholile, wayevele anikeze uNtombifuthi, indodakazi yami, imali yokuthenga ukudla,”kusho u-Anna.

Sineminyaka engu-15 sashada nomyeni wami, futhi angikazi ngiphuphe nangelilodwa ilanga ukuthi indodakazi yami ingake yenze into efana nale.

Funda nalolu daba:Sebezophoswa ejele abesilisa abanomakhwapheni - Umbiko

Lesi salukazi, 62, sikhala nangokuthi indodakazi yakhe iyona ehlezi ipheka futhi iwashela nomyeni wakhe. Yize kunjalo uNtombifuthi uyaziphika izinsolo zikanina.

“Mina ngisiza yena umama ngoba usekhulile, yingakho enginika imali yokuthenga ukudla ekhaya, kodwa angilali nobab.”

Uma abeDailySun bebuza u-Abraham okungumyeni ka-Anna ngalokhu, uthe useze walishiya ikhaya ngenxa yezinsolo zomkakhe.

“Ngimdala ngingaka ngingalala nomkami nendodakazi yakhe, unokugula ngekhanda umkami futhi kumele akuqaphele lokho,”kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.