Uthi uyalixolela isoka lakhe ‘elimbilise’ ngamanzi

2016-08-15 13:30

Johannesburg – Owesifazane waseBotshabelo, eMangaung, uthi ngeke alishiye isoka lakhe yize lambhunyela ngamanzi abilayo ngesonto eledlule.

UFihliwe Bothman, 22, uthi uselixolele isoka lakhe ngoba liyamsiza ngasezimalini.

Umama kaBothaman, uNombuyiselo Mkhebe, 56, uthe ingane yakhe ithanda imali nje kwaphela.

“Angazi yini efuna ukuthembela endodeni ngoba phela ngiyamondla. Akukhona okokuqala imlimaza njengoba yake yamgwaza yaphinde yamshaya ngesitini ngoba edle amagwinya wangayishiyela,” esho.

OLUNYE UDABA: Uphika icala 'owabhunyela izisulu ngamanzi abilayo'

Uthe wesabela ukuthi uyomlanda eseyidumbu uBothman esokeni lakhe.

“Uxolisile futhi akwenziwe ukwenziswe wutshwala, ngiyamxolela,” kusho uBothman.

Isoka uTshediso Khathi, 24, uthe uyaluqalekisa usuku ahlangana ngalo noBothman ngoba uqoma aze aquleke futhi umlethela izinkinga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.