Uthi uyaxolisa ngokufa kukaZulu obehola ithimba labaqwali bentaba

2016-07-21 10:02

Johannesburg – Obehola abaqwali bentaba futhi onesipiliyoni kulokhu, uSibusiso Vilane, ukhale izinyembezi ngoLwesithathu ebusuku, exolisa esizweni ngokufa komshayeli wezimoto zomjaho uGugu Zulu ngesikhathi beqwala intaba iMount Kilimanjaro.

UVilane ubefika bephuma eTanzania ngesikhathi bebamba isithangami sabezindaba e-OR Tambo International Airport ngoLwesithathu.

UVilane uqale ngokuchaza indlela abaqwali bentaba abangu-40 abehamba nabo abachazela ngayo ngobunzima abazobhekana nabo.

Funda nalolu daba: Ubuyela enkantolo osolwa ngokuba ngumalugaju e-UCT

“Yintaba enzima. Kuzomele nibhukule ukuze nifike phezulu entabeni.”

UVilane uthe wathembisa abangani nemindeni yalabo ayehamba nabo ukuthi umsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi bonke babuyela emakhaya bephephile.

"Ngidumele kakhulu namhlanje ukusho ukuthi angenzanga njengokwesethembiso sami…Engakusho kwakusukela kwesengakwenza eminyakeni engu-15 kulo msebenzi…Angiziqhenyi ngokwenzekile, engingakusho ukuthi ngiyaxolisa emndenini wakwaZulu, enganeni yabo nakumkakhe… Ngidumele kakhulu futhi ngiyaxolisa esizweni.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.