Uthi uyehluleka ukuxolela indodakazi ‘eyabulalisa’ umfowabo

2016-05-04 14:29

Durban – Owesifazane waseBonela, enyakatho yeTheku, uthi namanje uyehluleka ukudlulisa isigameko sokubulawa kwendodana yakhe, eyabulawa amaphoyisa akwaKito.

Kuthiwa lesi sigameko senzeka emzini kaZandile Makhanya ngesikhathi amaphoyisa ebizelwe ukuzolamula umufi nomfowabo ngoba bexabana bebanga ukudla, kubika iLANGA.

Kuthiwa umufi, uSiyabonga, 19, noNtombifuthi, 24, babelwa bebanga ukudla kwaze kwabizwa amaphoyisa ambulala ngo-2006.

UMakhanya, ongunina walezi zelamani uthi nakuba sekudlule isikhathi eside, uyehluleka ukuxolela indodakazi okuyiyona eyabiza amaphoyisa.

OLUNYE UDABA: Asengu-51 aphenywa ngamaphoyisa akwaKito

Uthi okunye okubuhlungu ukuthi icala lamaphoyisa lokubulawa kwendodana yakhe selivele laphelela emoyeni.

UMakhanya uthi indodana yakhe yamfonela esemsebenzini imtshela ukuthi udadewabo akafuni angene endlini ayodla ngoba ethi usaklina.

Uthi yaqhubeka ingxabano, amaphoyisa abizwa afika avulela ngenhlamvu kuSiyabonga washonela endaweni yesigameko.

Uqhuba ngokuthi uyehluleka ukudlulisa ngoba kumanje ababhekani nendodakazi yakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.