Uthi wayethi mdala owalala nomzala wakhe onama-hips

2016-07-11 11:31

Gwanda -Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda eboshwe ngemuva kokuba kutholakale ukuthi ubezitika ngocansi nomzala wakhe osemncane ngokweminyaka.

UNobert Chauke oneminyaka engu-27 ubudala waseZimbabwe ongumshayeli wamatekisi uthe wayevumelene nomzala wakhe ngocansi.

OLUNYE UDABA:Ukubambezeleka kwamaholo akunikezi ilungelo lokuteleka mugabe

UChauke utshele amaphoyisa ukuthi ubengazi ukuthi umzala wakhe uyingane kunaye, "unama-hips futhi ubukeka emdala."

UChauke ononkosikazi ozithwele ukuvumile ukuthi walala umzala wakhe oneminyaka engu-15 ubudala kodwa wathi babevumelene.

UChauke uthweswe icala lokudlwengula kodwa kwaba nezinguquko enkantolo icala lashintsha. Umqhafazo wenkundla yezokuxhumana iWhatsapp uveze ukuthi babevumelene.

Abammeli uMatshobana Ncube noKucaca Phulu baChauke batshele inakntolo ukuthi le ntombazane ibisizohlanganisa iminyaka engu-16 maduze ngesikhathi bezibandakanya ocansini nayo.

Laba mmeli baphinde bathi ikhasimende labo lalicabanga ukuthi le ntombazane isikhulile ngenxa yomzimba wayo osuvuthiwe.

UChauke ulivumile icala lokuzibandakanya ocansini nale ntombazane eNkantolo yeManthsi yaseGwanda.

Lihlehlisiwe icala likaChauke.

Ummeli kaChauke ucele ukuba athole isigwebo esilengisiwe noma engenza umsebenzi womphakathi amahora angu-420 njengoba kunguye yedwa owondayo kwakhe, kubika iWWWW.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter            



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.