Uthisha ezinsolweni zokunukubeza abafundi ngokocansi

2018-02-16 11:00

Johannesburg - Amaphoyisa aseKlerksdorp eNorth West aphenya amacala amathathu ahlobene nawocansi abhekene nothisha wesikole samabanga aphansi.

Abafundi abangu-30 kuthiwa batshele abazali babo ngothisha ofundisa u-Grade 4 obathinte ezithweni zabo zangasese.

Kusolwa ukuthi lo thisha wathintathinta abafundi waphinde wabapotoza namabele.

IDaily Sun ithole ukuthi abazali bala bafundi baya esikoleni iKlerksdorp Primary beyozwakalisa ukukhala kwabo, futhi benzela nokuthi kuvele nabanye abafundi abanezinsolo ezifanayo.

OLUNYE UDABA:Usenkingeni uthisha obeshela umfundi, 10

Omunye wabazali utshele iDaily Sun ukuthi indodakazi yakhe yamntshela ngokwenzeka kumngani wayo esikoleni.

"Ngesikhathi ngibuza ukuthi okwenzeke kumngani wakhe akwenzekanga yini kuyena, waphendula ngokuthi naye uyisisulu. Uthi ngelinye ilanga wacela ukuya endlini encane.

"Uthi wathi lo thisha uzomphelezela, okuyilapho abe esempotoza khona," kusho lo mzali.

Abazali bafuna lo thisha axoshwe.

U-Elias Malindi, oyibamba lokhulumela uMnyango wezeMfundo, uthe lo thisha unikwe ilivu eyisipesheli njengoba lolu daba lusaphenywa.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Pelonomi Makau uthe baphenya amacala amathathu okunukubeza ngokocansi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.