Uthisha ubhekene necala lokudlwengula umfundi kwaDlangezwa

2017-09-06 11:00

eMpangeni - Uzofaka isicelo sebheyili uthisha oneminyaka engu-42 ubudala obhekene necala lokudlwengula.

Lo thisha uzovela phambi kweMantshi yaseMpangeni ngecala lokudlwengula umfundi, 17, wakwaDlangezwa.

Lo thisha waboshwa ngoLwesihlanu ngesikhathi amaphoyisa ophiko lwamacala odlame lwasekhaya, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi ngaphansi kwesifunda uKing Cetshwayo ephuma umkhankaso wokuthungatha abasolwa.

OLUNYE UDABA:Umfundi 'uxoshelwe' ukubiza uthisha ngomnakwabo

Kuthiwa lo thisha waqala ukudlwengula lo mfundi kusukela ngenyanga ka-Febhruwari.

Kuthiwa lokhu kwaqala ngesikhathi umama wale ngane ecela lothisha ukuba ahambisane nengane yakhe uma eya esikoleni kusukela eMpangeni ngoba emethemba.

Lo thisha wayidlwengula le ngane ephindelela kwaze kwaba wukuthi ibikela unina ngalokhu, kubika iZululand Observer.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.