Uthisha ufunze umfundi i-pad kufundwa

2017-10-23 18:03

Durban - Zishubise isimo izinsolo ezimbi ngothisha waKwaSithebe Primary School, KwaSithebe, eMandeni ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal osolwa ngokufunza umfundi wakwaGrade 6 umsubelo (i-pad) phambi kwabanye abafundi egunjini lokufundela.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke ngaphambi kokuba kuvalwe izikole, zivalelwa isigaba sesithathu sonyaka.

ILANGA lithole ukuthi lo mfundi wesilisa oneminyaka engu-12 ubudala - esiligodlile igama lakhe ukuvikela isithunzi sakhe - vele uyinto yokugcakela kulo thisha esingeke simdalule, njengoba evame ukuhlekisa ngezicathulo nomfaniswano wakhe.

Kubikwa ukuthi umndeni walo mfundi udla imbuya ngothi - njengoba engekho umuntu osebenzayo kuwona - okwenza nesimo sakhe esikoleni singabi sihle.

ILANGA lithole ukuthi ngaphambi kokuba lo thisha egile lo mkhuba, ubize isisulu ngemfene ehlala nezinkawu kubo.

Umthombo uthi - yize kungaziwa ukuthi yini edala ukuba umfundi afunzwe umsubelo - uthisha usukume esihlalweni sakhe wama emuva kwesisulu wasibamba ngekhanda wasifunza umsubelo ngenkani kwaduma igumbi lokufundela abafundi behleka.

OLUNYE UDABA: Usenkingeni uthisha obhaxabule abafundi

Uthi ngendlela ahlukumezeke ngayo lo mfundi, ubesenqume ngisho ukuyeka isikole. "Umfana uhlale ekhaya isonto  lonke engalubhadi esikoleni ngoba esaba ukuthi abafundi bazokwenza inhlekisa ngaye.

"Uqale ukuya esikoleni ngoLwesithathu olwedlule. Nakhona ukuze aphindele uncengiwe ngoba sekwenzelwa ukuba akwazi ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka. Indlela ahlukumezeke ngayo kunzima ukuba aye esikoleni ngoba akazi ukuthi lo thisha uzobukisa nagye athini njengoba kuyinto ajwayele ukuyenza.

"Ngikhuluma nje umfundi uselinde kuphele unyaka ukuze aphume kulesi sikole ngoba lo thisha usemhlukumeze kwanele," kusho umthombo.

UNkz Nokuthula Mzimela, ongunina walo mfundi, utshele ILANGA ukuthi akayazi yena le nto okukhulunywa ngayo - ukuthi indodana yakhe ifunzwe umsubelo.

Thola udaba oluphelele kwiLANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.