Uthisha usolwa ngokudlwengulela umfundi ehlathini

2017-11-01 18:00

Polokwane – Uthisha oneminyaka engu-34 ubudala uzovela ngecala lokudlwengula umfundi oneminyaka engu-14 ubudala, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthi lesi sigameko senzeke eLebowakgomo, ngaphandle kwedolobha iPolokwane, ngoMsombuluko.

"Kukholakala ukuthi isisulu besihlanza igumbi elihlala othisha, kuthe eseqedile lo mfundi uthisha wamthuma ehhovisi lakhe lapho efike acela khona inombolo yalo mfundi yocingo eqamba amanga ngokuthi ufuna ukumsiza ngosebenzi wesikole uma sesiphumile isikole,"kusho Ngoape.

OLUNYE UDABA:Lihlehlisiwe elibhekene nonogada osolwa ngokunukubeza izingane zesikole

Kuthiwa ngalobo busuku, uthisha wafonela lo mfundi emcela ukuba bahlangane.

"Ngesikhathi behlangana, lo thisha uthathe lo mfundi ngemoto wahamba naye eya ehlathini lapho afike amdlwengulela khona. Lolu daba lubikelwe amaphoyisa waboshwa ngokushehsa umsolwa," kuqhubeka yena.

UNgoepe utshele abeNews24 ukuthi ngeke bakwazi ukuveza indawo abahlangane kuyo uthisha nomfundi ngoba bafuna ukuvikela lo mfundi.

Kwesinye isigameko esenzeka kusona lesi sifundazwe ngenyanga eyedlule, kwaboshwa uthisha oneminyaka engu-51 ubudala ngemuva kokuvela kwezinsolo zokuthi udlwengule umfundi esigodini esingaseTzaneen.

Kuthiwa le ntombazane eneminyaka engu-14 ubudala yayisendleleni egodukayo ngoLwesihlanu ntambama ihambisana nalo thisha ngesikhathi yehlelwa yilo mshophi.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.