'Uthisha wabiza indodakazi yami ngomahosha ekilasini'

2017-09-06 16:01

Cape Town - Owesifazane oneminyaka engu-34 ubudala ufuna uMnyango wezeMfundo eWestern Cape uthathele uthisha osolwa ngokubiza indodakazi yakhe ngomahosha, izinyathelo.

Lo thisha kuzwakale ukuthi uthuke umfundi owenza uGrade 9 ngemuva kokuba emthole ezibuka esibukweni ngesikhathi kufundwa isifundo sesiNgisi ekilasini ngoLwesibili.

"Ufike ekhaya ekhala izinyembezi, wazivalela egunjini lakhe lokulala, engafuni ukukhulumisa muntu.

"Indodakazi yami ithe itshelwe ngomunye umfundi ukuthi kunento ethile esemlonyeni wayo yabe isizibuka esibukweni ngoba ifuna ukusula umlomo," kusho lo mama etshela abeDaily Sun.

"Lo thisha ube esetshela ingane ukuthi izibuka esibukweni njengomahosha."

OLUNYE UDABA:Umfundi, 25, ushaye uthishanhloko ngempama

Umngani wale ntombazane uqinisekisile ukuthi uthisha uyifanise nomahosha. Umama wengane uthe umbuzile uthisha ngesigameko.

"Lo thisha ungincengile ukuthi ngingambikeli uthishanhloko ngoba angase alahlekelwe wumsebenzi.

"Uthe kwesinye isikhathi izingane ziyahlupha, aze asho izinto angaqondile ukuzisho," kulandisa umama wentombazane.

"Ngesikhathi ngiya kuthishanhloko, uthe umatasa wathembisa ukululandela lolu daba kuleli sonto. Kodwa umonakalo usuwenzekile ngoba nezinye izingane seziyamchukuluza umntwana.

"Manje abafana babuza indodakazi yami ukuthi "uthengisa ngamalini" uma beyibona ngaphandle kwasekilasini, kanti amantombazane wona ayibiza ngomahosha. Indodakazi yami isencane kakhulu ukuthi isingabhekana nale nto."

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uJessica Shelver,  utshele iphephandaba ukuthi: "Ihhovisi lesifunda alazi ngalesi sigameko, kodwa lizophenya.

"Khonamanjalo, sicela ukuba umzali walo mfundi abikele uthishanhloko ngalesi sigameko."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.