Uthishanhloko ezinsolweni zokudlwengula umfundi

2016-07-31 11:01

Johannesburg - Uthishanhloko osolwa ngokudlwengula umfundi oneminyaka engu-13 ubudala uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNgqamakhwe ngoLwesihlanu.

Akazange abuzwe ukuthi uyalivuma noma uyaliphika na icala, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

Icala libe selihlehliselwa uLwesibili ukuze kuqhubeke uphenyo, kanti umsolwa usagqunywe esitokisini ngenxa yokuthi akanikezwanga ibheyili, kusho uCaptain Jackson Manatha.

OLUNYE UDABA: Abafundi bavele enkantolo ngelokudlwengula omunye

Amaphoyisa aseButterworth abophe lo thishanhloko, 51, ngoLwesithathu ngemuva kokuvela kwalezi zinsolo.

"Kusolakala ukuthi lo thisha waqala ukudlwengula le ngane ngoMashi kwaze kwaba nguJulayi nonyaka. Ingane yabonwa wumndeni wayo ukuthi kukhona okungahambi kahle.

"Kwathi uma ibuzwa yasho ukuthi ibidlwengulwa nguthisha omkhulu kusukela ngoMashi," kusho uManatha.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.