Uthishanhloko 'ungqimuze' abafundi odongeni

2017-08-31 18:00

Durban - Kuqubuke izinsolo ezihlasimulisayo zokungqutshuzwa ezindongeni kwabafundi bafunjwe ngempama nguthishanhloko waseNtabende Primary School, eMsinga, maphakathi neKwaZulu-Natal.

ILANGA lipotshozelwe ngabanye abazali bezingane ezifunda kulesi sikole ukuthi uthishanhloko, uWelisiwe Mchunu, ushaye abafundi ngoba ecasulwe wukuthi bathenga komama abadayisa ngaphandle kwamagceke esikole.

Laba bazali bathi izingane zibuye esikoleni zababikela ukuthi uMchunu wenze lokhu ngoba ethi izingane kazizwa  njengoba ziqhubeka nokuthenga ngaphandle.

OLUNYE UDABA:Umfundi, 25, ushaye uthishanhloko ngempama

Umzali okhulume naleli phephandaba ocele ukuba igama lakhe ligodlwe uthe: "Kakuzange kungiphathe kahle ukuthi izingane sezingaze zishaywe ngezimpama, zingqunyuzwe odongeni ngoba zithenge komama abadayisa ngaphandle.

"Ngenxa yokuthi kangihlali ngasekhaya lapho kufunda khona ingane, ngimshayele ucingo uthishanhloko waphika wathi akayazi leyo nto kodwa ingane yona ibisingishayelile ucingo yangitshela," kusho lo mzali.

Uthi uMchunu ucele ukuba afike esikoleni ukuze bezoxoxa kodwa yena wangakwazi.

Kakuyena yedwa lo mzali onalezi zinsolo ngoMchunu, omama abadayisa ngaphandle bathi bazibonele ngawabo eshaya abafundi.

Bakhala ngokuthi ubephuca isinkwa ngokuvala izingane ukuba zithenge kubona ngoba zidayisela yena.

UNomusa Ngubane ongomunye wabadayisa ngaphandle uthe usenesikhathi eside edayisa kulesi sikole okuthe ngemuva kwamaholidi kaJuni, kwafika abanye besifazane ababili abebeyodayisa nabo.

Uthi badayisela ngaphandle kwesikole ngoba vele kabavumelekile ukudayisela ngaphakathi.

Kuye kuthi uma izingane zisekhefini ziyothenga kubona.

"Nathi yiyona ndlela esiziphilisa ngayo lena manje size silinde kuphume isikole izingane bese ziyathenga uma sezigoduka ngoba zesaba ukuthi zizoshaywa nguthishanhloko.

"Zikhona nje nezibuya zizositshela ukuthi zesaba ukushaywa, yingakho zingathengi," kusho yena.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.