Uthola izinsongo unina wengane yenceku engondli

2017-11-09 11:01

Durban - Udliwa yingebhe owesifazane osaphaze umfundisi amsola ngokuthi akayondli ingane yabo enezinyanga eziyisi-7, okugcine ngokuthi abalandela lo mfundisi bamsongele ngoba bethi ukukhuluma kabi ngoyise wezokomoya.

Lona wesifazane - esingeke simdalule - uma elanda ngobudlelwano bakhe nomfundisi, uthi buqale eminyakeni embalwa eyedlule njengoba inceku imthole edayisa umzimba.

Uthi bathandanile okuthe uma esetshela umfundisi ukuthi ukhulelwe kwabe sekushintsha izinto. Inceku yeNkosi uthi imtshele emehlweni ukuthi makasikhiphe isisu ngoba kayifuni kwazi abantu ukuthi inengane ngaphandle komshado. Lona wesifazane uthi inceku ikhale ngokuthi ukukhulelwa kwakhe kuzokwehlisa isithunzi sayo emalungeni ebandla.

"Ngimtshelile ukuthi akakwazi ukulala nami ngaphandle kwejazi lomkhwenyana bese angitshele ukuthi akayifuni ingane. Ngimtshele ukuthi ngeke ngisikhiphe isisu ngoba nami kangizimisele ngokwenza icala elinjalo," kusho lona wesifazane ongowaseThekwini.

Uthi ngaphambi kokukhulelwa, ubudlelwano bakhe nomfundisi bebubuhle kakhulu ngoba nguyena omyekise ukudayisa ngomzimba yamyisa enyuvesi ukuyofunda.

"Kuningi okuhle angenzele khona ngeke ngiqambe amanga, ungithathe ngidayisa ngomzimba wanginakekela waze wayongifundisa enyuvesi. Sonke leso sikhathi bengazi kahle ukuthi ushadile futhi ngingenankinga ngalokho. 

"Inkinga enginayo manje wukuthi akayondli nhlobo ingane yakhe futhi akanamahloni ngalokho. Sengizame kaningi ukukhuluma naye ngimtshela ukuthi ingane kayinacala, yena nje kumele ayondle, kangifuni lutho olunye kuyena," kusho yena.

Uthi akanandaba nabamsabisayo, akwaziyo nje wukuthi konke akukhulumayo ngalo mfundisi kuliqiniso futhi uzimisele ngokukumela.

"Inkinga abantu bayathanda ukukhuluma izinto ezingabathinti nezingahlangene nabo. Mina ngikhuluma ngobaba wengane yami ongafuni ukondla, kuthi-ke bona ngoba bemazi ukuthi ungumfundisi wabo noma ubaba wabo njengoba besho, bese becabanga ukuthi bazongena izindaba ezingabafuni. Yize bekhona abesilisa abangisabisayo kodwa kunabesifazane okuvele kungixake ukuthi bona bangajabula yini uma izingane zabo zingondliwa," kusho yena.

Ezithombeni zalo mfundisi ezisabalele ezinkundleni zokuxhumana, kukhona esinamathiselwe ithini lobisi, amanakukeni namakhondomu. Lona wesifazane uthi ukhethe ukubhala ngalo mfundizi ngoba akazihluphi ngokubamba izingcingo zakhe futhi nemiqhafazo yakhe akayiphenduli nhlobo.

OLUNYE UDABA: 'Ubhubhisile' eKZN umfundisi waseSwazini

Uthi noma ngabe uyasebenza futhi usindisiwe kodwa ngeke avume ukusetshenziswa nokuthi ondle ingane yedwa uyise edla amabele. "Ngeke ngibe ngumzali ngedwa uyise wengane ephila. Kanginayo inkinga ukuthi sengiphenduke inhlekisa kulabo abahlekisa ngesimo sami kodwa okusalayo yena ngifuna ondle ingane yakhe," kusho yena.

Uthi useke wamphonsela nenselelo yokuthi bayohlola igazi ukuze abe nobufakazi bokuthi ingane ngeyakhe uma enokungabaza. "Ngilinde yena ukuthi avume kuhlolwe igazi ngoba ngeke ngiyeke ukufuna isondlo kuyena ngoba kuyilungelo lengane yami," kusho yena.

Ezinkundleni zokuxhumana banye bakhombise ukuzwelana naye kanti abanye bakhombise ukuthi uthole abevele ekufuna njengoba ethandane nomfundisi azi kahle ukuthi ushadile.

UMaswamahle Ngubane uthe: "Hlukanani nje nomfundisi thina-ke noma nithi unjani, uyohlale engubaba wethu eNkosini. Wayeze ashele nina nje ngoba kwenzenjani? Uma usindisiwe nje ujola kanjani nomuntu oshadile?”

UKhethiwe Chosen uthe: "Lo mfundisi makondle ingane yakhe nje avikele nesikhundla sakhe.”

UNtombfuty Ndoni MaCebisa uthe: "Ake kwenziwe ubulungiswa ebantwaneni, ngeke nilibone izulu webazalwane uma ningakwazi ukumela iqiniso. Bakithi mawahlonishwe amalungelo ezingane sakhe isizwe esiqotho, sibaphe uthando besabancane. Ngumfundisi onjani ohola ibandla ebe ephila impilo yamanga? Nizofa ningagulanga nina, ake niyeke ukuvikela izigebengu ngegama leNkosi ngoba nayo ayikufuni lokho. Nceku yondla ingane yakho.”

U-Amanda Manciya Magocoba uthe: "Sengathi uNkulunkulu angathumela leya nhlanzi enkulu eyagwinya uJonah olwandle izogwinya la madoda angafuni ukondla izingane zawo. Ume phambi kwebandla ushumayele kodwa kawukwazi nokuthengela ingane yakho amanabukeni!”

ILANGA lithole omunye wesifazane onengane eneminyaka emibili othi ngeyalo mfundisi. Naye ukhala esifanayo njengoba ethi umfundisi nokondla yinkukhu nempaka.

Leli phephandaba lizame kaningi ukukhuluma nalona wesifazane (wesibili) wathi akakwazi ukukhuluma ngoba usaba ukuthi hleze enzakaliswe. Uvumile ukuthi unengane eneminyaka emibili nenceku yona lena okukhulunywa ngayo kodwa wathi akakwazi ukukhuluma kakhulu ngoba uyesaba.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.