Utholakale eBrakpan owesimame ofunwa i-Interpol

2016-08-12 10:01

Brakpan - Uphiko loKlebe lukhiphe isitatimende ngokubanjwa kowesimame ubekasolohlwini lwabafunwa kakhulu eMelika, kubika iTimeslive.

UNichole Michelle King wabaleka eMelika phambi kokuba agwetshwe ngamacala okukhwabanisa kanti utholakale eBrakpan ngemuva kweminyaka engu-7.

UNichole ubanjwe iyunithi yeFugitive/ Extradition Unit engaphansi kophiko lwe-Interpol.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe kwabulawa umsolwa eLadysmith

“UKing waboshwa ngo-2006 kanti kwakulindeleke ukuba agwetshwe ngoDisemba 11 2009 ngesikhathi eqa ezweni lakubo,”kusho oKlebe.

Ubanjwe kuleli ngoJuni kulo nyaka emzini abewuqashile eBrakpan. Uvelile phambi kweMantshi yaseBrakpan kanti icala lakhe lihlehliselwa umhlaka 18 Agasti 2016.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.