Utholakale edindilize ehhovisi lakhe kwa-Eskom obelahlekile

2017-05-30 11:02

Johannesburg – Isisebenzi sakwa-Eskom uThembisile Lucia Yende utholakale eshonile ehhovisi lakhe emsebenzini.

Unndeni wakwaYende wabika ngokulahleka kwakhe emasontweni amabili edlule ngemuva kokuthi angabuyi ekhaya futhi engatholakali nasocingweni lwakhe.

"Ngosuku okwabikwa ngalo ukuthi ulahlekile, amaphoyisa afika emahhovisi akwa-Eskom nezinja ezihogela umkhondo, kodwa azihogelanga lutho," kusho uKhulu Phasiwe okhulumela abakwa-Eskom.

Isidumbu sikaYende sitholakale ehhovisi lakhe ebelikhiyiwe kanti nemoto yakhe ibikhona emsebenzini.

Ngesikhathi abakwa-News24 bebuza uPhasiwe ukuthi kungani bebengaphenyi ngaleli hhovisi elivaliwe, uthe: "Mancane lawa mahhovisi futhi asendaweni engaphithizeli."

OLUNYE UDABA:Kuphume isidumbu izelamani zibanga intambo kagesi

Ilungu lomndeni wakwaYende elikhulume nabe-Vuma FM lithe, iyindida eyokutholakala kukaThembisile emsebenzini ngoba bazama ukuyomcinga khona kodwa banqatshelwa.

"UThembisile samgcina ngomhlaka-17 kwephezulu, sazama ukuyomcinga emsebenzini kodwa sanqatshelwa ukuba singene emahhovisi akwa-Eskom, sagcina emagcekeni akhona.

"Lokhu sakubika nasemaphoyiseni, simangale kabi uma sitshelwa ukuthi isidumbu sakhe sitholakale emsebenzini ehhovisi lakhe," kusho ilungu lomndeni.

Okhulumela amaphoyisa aseGoli uKay Makhubela uthe isidumbu sikaYende sitholakale ngoMsombuluko futhi kusaphenywa ngokushona kwakhe.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.