Utholakale edindilizile emotweni yakhe usomatekisi waseThekwini

2017-02-09 07:30

Durban - Ubulawe ngentululwane yezinhlamvu usomatekisi kanti amaphoyisa athe le ndoda ihlaselwe eMontclair, eningizimu neTheku, ngoLwesithathu ekuseni.

Lo somatekisi utholakale edindilizile emotweni yakhe ebinenqwaba yezimbobo zenhlamvu futhi kugcwele igazi.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uthe lo somatekisi, 38, ubehamba kuMontclair Road.

OLUNYE UDABA: Sekuze kwamfica ukufa usomatekisi obekade ezingelwa

"Uhlaselwe ngabasolwa abathathu abavele bavulela ngenganono bebhekise kuye washonela endaweni yesigameko," kusho uMbele.

"Umufi utholakale enamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni wonke. Imoto ebihamba abasolwa itholakale ehostela lamadoda eDalton."

Kule moto amaphoyisa ahole isibhamu sohlobo lwe-R5 emotweni nama-gloves.

"Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa aseMontclair kanti uphenyo lusaqhubeka," kusho uMbhele.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.