Utholakale egqitshwe ethuneni elingashoni utolika eGauteng

2017-09-11 17:59

Johannesburg - Amaphoyisa aphenya icala, lokubulala, ukuthumba nokutholakala kwempahla eyebiwe kulandela ukutholakala kwesidumbu sikatolika weNkantolo yeMantshi yaseMiddelburg, ethuneni elingashoni eGauteng.

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba indodana yakhe ibikele amaphoyisa aseMiddelburg ngokuduka kukayise.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Khanyisile Zwane uqinisekise ukuthi u-Izak (Ike) Mohlamonyane kwabikwa ukuthi udukile esiteshini samaphoyisa aseMiddelburg ngomhlaka-31 Agasti, ebikwa yindodana yakhe, uMmeli.

UMohlamonyane waqala wakhathazeka ngesikhathi umngani kababa wakhe exhumana naye ngocingo emazisa ukuthi akamtholi uyise ocingweni.

OLUNYE UDABA:Ungeniswe esibhedlela utolika

Umufi, obesebenza eNkantolo yeMantshi yaseMiddelburg, ubeqashe umuzi eMineralia njengoba yena engowaseBronkhorstspruit, kubika iMiddelburg Observer.

UCaptain Kay Makhubela, okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uthe amaphoyisa aseSunnyside, ePitoli, asizakala ngesikhathi kufika indoda ethile esiteshini izowabikela ngemoto esolisayo epake ngemuva kwebhilidi.

Ngesikhathi amaphoyisa ephenya, athole ukuthi imoto ngekamufi, kanti kuyona bekukhona owesilisa oneminyaka engu-24 ubudala.

Ngemuva kokuphosa lo wesilisa ngemibuzo, waholela amaphoyisa ezimayini eDurban Deep eduzane naseRoodepoort, lapho okutholakale khona isidumbu sikamufi ethuneni elingashoni.

Imininingwane ngesigameko iveza ukuthi, uMohlamonyane wagwazwa wabulawa wabe esegoqwa ngengubo yokulala wase eyagqitshwa.

Kuphinde kwatholakala nempahla kamufi okubalwa kuyo ne-laptop ngesikhathi kutholakala imoto.

Umsolwa usevelile enkantolo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.