Utholakale eseshe waba ngumlotha owesilisa

2016-07-25 20:32

Johannesburg - Kuvulwe icala ngokufa komuntu kulandela ukuthi kutholakale isidumbu sowesilisa oseminyakeni eko-30 ubudala sishe saba ngumlotha eKempton Park, e-East Rand.

Okhulumela amaphoyisa uJethro Mtshali uthe le ndoda itholakale egumbini elingemuva komuzi kuKempton Road, ngeSonto, kubika iKempton Express.

Izicishamlilo zibabele endaweni yesigameko ngemuva kokuthola ucingo ngezikhathi zasekuseni.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokubulala unina wamshisa nomuzi

Zikwazile ukubhula ilangabi, kodwa ngebhadi lo wesilisa ubeseshe wangqongqa.

Izithombe ezithathwe endaweni yesigameko zitshengisa ukuthi le ndoda ibizama ukubaleka ngesikhathi iwa, yase iyasha.

Imbangela yomlilo ayikaziwa okwamanje kanti uphenyo luyaqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.